Obengumqeqeshi weChippa United obekukholwa ukuthi angase aphule irekhodi ngesikhathi asichithe esikhundleni sokuqeqesha iqembu, uKwanele Kopo, useveze okunye ngokushiya kwakhe kuleli qembu.
Abaningi bebekholwa wukuthi umnikazi weqembu, uChippa Mpengesi, useshaye adume ngazo ngokuxosha omunye umqeqeshi phakathi nesizini. Izindaba zokushiya kukaKopo zishaqe abaningi njengoba iqembu libukeka lenza kangcono kule sizini kunamasizini edlule ebelivame ukuwaqala ngasezembeni.
UKopo uthi uyena oqoke ukungayeluli inkontileka yakhe kwiChilli Boys.
“IChippa yazama ukungisayinisa inkontileka entsha…ngaqaba ukusayina ngenxa yeziizathu zami,” kusho uKopo ekhuluma kuRadio 2000.
“Ngizizwe ngidinga ukushintsha umoya, kodwa ngiyabonga ngethuba abangiphe lona. Bekuyisinqumo sakhe ukushiya iChippa ngezizathu engingeke ngizidalule.
“Bazame ukungipha inkontileka yeminyaka emithathu; kwangithusa ukuthenjwa wusihlalo ngaleso sikhathi. Sasithola imphumela emihle, kodwa bengidinga ukushintsha umoya.
“Ngisho imali ebengiyihola ibiyinhle uma ngikhuluma iqiniso…ukushiya kwami akuhlangene nenkontileka. Usihlalo waze wacela ukuthi athathe wonke umndeni wami uzohlala ePort Elizabeth, kodwa bengingeke ngisakwazi ukuqhubeka.”
Ngemuva kokushiya kukaKopo izintambo zokuqeqesha iqembu zibanjiswe uThabo September obeyiphini lakhe. Iphini lakhe kuzoba wuMabhuti Khenyeza olaxaze iGolden Arrows.