Uthi kufezeke iphupho lakhe elidala umdlali wePolokwane City obizelwe ukuzovala isikhala sikaPatrick Maswanganyi kwiBafana Bafana, uRodney Maphangule.

UMaphangule (27) ujoyine ikhempi yeqembu lesizwe izolo kulandela ukuhoxa kukaMaswanganyi ngenxa yokulimala.

“Bekuyiphupho lami elidala ukuthola ithuba lokumela iqembu lesizwe,” kusho lo mdlali ekhuluma nabezindaba ngoLwesibili.

“Kuzokhuphula ukuzethemba, ikakhulukazi nakubadlali bePolokwane City abazobona ukuthi kungenzeka [babizwe esikwatini].

“Akuyena uPolo [Oswin Appollis] kuphela othola leli thuba. Kancane kancane, sonke singadlala eqenjini lesizwe”

Ekhuluma ngokumenze waqoka uMaphangule uBroos uthe uwumdlali onekhono kodwa onganakiwe kwiPSL njengoThabo Moloisane naye obiziwe.

Ukuvezile nokho ukuthi Mancane amathuba okuthi aqalise abadlali abasha esikwatini ngoba babhekene nomdlalo wokuhlungela iFIFA World Cup.

IBafana izobhekana neLesotho ngoLwesihlanu ePeter Mokaba Stadium ngo 18:00.