Umqeqeshi weCape Town City, u-Erik Tinkler, uphinde wasala ekhala ngokuhluleka kweqembu lakhe ukuvalela amathuba abawakhayo. UTinkler uveze lokhu ngemuva kokudliwa ngo 3-2 bebhekene neSwallows FC ngoLwesithathu ntambama. ICitizens ibilandela ngemuva idliwa ngo 2-0 ngesikhathi ibuya kulo mdlalo zabambana ngo 2-2 ngaphambi kokuthi Izinyoni zithole ipenalty umdlalo usubheke emaphethelweni.
“Sidlale ibhola elihle kakhulu, kusukela uqala umdlalo. Bekumele siye ekhefini sihamba phambili ngo 2-0 kodwa bashaye amagoli amahle. Ngithe kubadlali abaqhubeke balwe ngesiwombe sesibili, bakwenza lokho sabuya emdlalweni kodwa kwangalunga ekugcineni. Ngiphoxekile ngoba basebenze ngokuzikhandla namhlanje,” kusho uTinkler ngemuva komdlalo.
UTinkler unqabile ukuphawula ngokudlaliswa kukaKwanda Mngonyama izolo, obengekho ohlwini lwabadlali olwethulwe yiSwallows ngaphambi komdlalo.
Nangesonto eledlule lo mqeqeshi wasala ezibuza eziphendula ukuthi badliwe kanjani ngesikhathi bebhekene nompetha beDStv Premiership, iMamelodi Sundowns.
ICape Town City izobhekana naMaZulu ngoMgqibelo emdlalweni wayo wesithathu kule sizini.