U-Erling Haaland uthi bekufanele ashaye amagoli amathathu emdlalweni wokuqala neqembu lakhe elisha iManchester City.
UHaaland ushaye amagoli amabili eLondon Olympic Stadium behlulwa iWes Ham United ngo 2-0.
UHaaland uqale ngokushaya iphenathi ngomzuzu ka-36, nakhona ezithuntutha ngemuva kokudlalwa kabi unozinti u-Alphonse Areola. Igoli lesibili ulishaye kalula eqedela iphasi kaKevin de Bruyne ngomzuzu ka-63.
I West Ham ihlulekile ukumelana neCity, kodwa uHaaland uthi ubekulindele ukubona ezakhe zingena egiyeni ngokushesha.
“Bengilindele ukubona iqembu liqala kahle. Ngabona kancane emdlalweni weBayern (Munchen) ukuthi iqembu lisezingeni eliphezulu. Saqala ngegiya eliphansi emdlalweni weLiverpool, kodwa imidlalo ayifani. Bekufanele ngishaye amagoli ambalwa namuhla,” kusho uHaaland ekhuluma nabeSky Sports.
UHaaland uthi uzenzele phansi ngokuhluleka ukushaya amagoli amaningi.
“Bengibuka ithuba elitholwe u-Ilkay Gundogan ngaphambi kokuba ngikhishwe. Bekufanele liqedelwe yimina lelothuba,” kuchaza uHaaland.
Umqeqeshi weCity uGuardiola ubejabule ngoHaaland.
“U-Erling ushaye amagoli amabili, bekubalulekile kuyena, nakwabanye abadlali.
UHaaland unethalente. Ngesikhathi egeja amathuba, benimbiza ngesahluleki. Uma eseshaya amagoli usefana no Henry noma uRonaldo?
Kuzothatha isikhathi ukuze ezojwayela kwiPremier League, uneminyaka engu-22, iseyinde indlela azoyihamba. Ngiyathemba uzohlala isikhathi eside kwiMan City ngaphambi kokuba abeke amakhokho emgibeni. Ngizokubheka ukuzinikela kwakhe, asehlsie umoya,” kubeka lomqeqeshi.