UMqondisi wezemiDlalo kwiKaizer Chiefs uKaizer Jnr Motaung uthi iqembu lizomemezela abadlali abasha ezinsukwini ezilandelayo.

Ubekhuluma esithangamini nabezindaba bezokwethula u-Arthur Zwane njengomqeqeshi omusha weChiefs izolo.

UMotaung uthe izindaba ezithinta abadlali abasha nalabo abazokhululwa zizomenyezelwa kungekudala.

“Ukuqoka uZwane kuyigxathu elibheke phambili. Lokhu bekubalulekile, abantu kufanele baqonde ukuthi abaqeqeshi bayingxenye yeqhinga esinalo. Uma sesiqedile ngesimemezelo, iqembu liozkhipha izindaba eziwujuqu ngabadlali abasayinisiwe nalabo abazodedelwa,” kusho uMotaung.

Kuvela ukuthi iChiefs isiqedile ngabadlali ababili okunguSiyethemba Sithebe obedlalela AmaZulu, noZitha Kwinika obesemabhukwini eStellenbosch. Kuphinde kwavela ukuthi umgadli weStellies u-Ashley Du Preez usendleleni ebheke eNaturena.

“Ezinsukwini ezilandelayo sizomemezela abadlali abasha, izinguquko kumathimba abaqeqeshi, nezindaba ezithinta ezinye izinhlaka zeqembu,” kubeka uKaizer Jnr.

Akucaci ngekusasa likaLee Baxter ongumqeqeshi wonozinti. Ngenyanga eyedlule, iChiefs iqoke u-Aubrey Mathibe njengomqeqeshi wonozinti omusha.

UKaizer Jnr. uthi ukuqokwa kukaZwane kuyisinqumo esifanele ngoba uyazi ukusuka nokuhlala iChiefs, futhi uyena ozotakula iqembu njengoba lilambele izicoco.

“UZwane unolwazi olunzulu ngebhola lesimanje, uyakwazi ukufundisa abadlali ngemibono yakhe. Lokho kuyisipesheli kakhulu. Okuhle kakhulu ukuthi uZwane uyayiqonda ingcindezi yokudlalela iqembu.

Abaqeqeshi abasuka ngaphandle bayahluleka uma sebefike eqenjini. UZwane uyayazi lengcindezi engumdlali, ngisho esengumqeqeshi uzokwazi ukumelana nobunzima. UZwane uzihambela yedwa uma sibheka izinto ebesizifuna kumqeqeshi.

UKaizer Jnr. ucele abalandeli ukuthi behlise umoya, bengacabangi ukuthi uZwane uzoshintsha indlela yeqembu ngokushesha.

“Umsebenzi wokuqala ukuthola umqeqeshi. Ziningi izinto okufanele siziqedele emahhovisini ukuze sizomeseka afeze izifiso zakhe. Ukuqasha uZwane bekuhleli obala ngoba simfanele isikhundla,” kubeka uKaizer Jnr.