Umqeqeshi obambile kwiKaizer Chiefs uCedric Kaze uthi esinye sezizathu ngokugeja kwabadlali inqwaba yamathuba okukora wukuthi basuke sebehlelwe wukuzethemba ngemuva kwendlela abagxekwa ngayo ezinkundleni zokuxhumana uma bengenzanga kahle emdlalweni odlule.

UKaze ubeke kanje ekhuluma nabezindaba ngaphambi komdlalo weChiefs neSiwelele FC ngo-19:30 namhanje. IChiefs izobe ibheke ukunqoba ngemuva kokuhluleka ukuqoqa amaphuzu aphelele kwiligi emdlalweni emithathu edlule.

Enye yezinkinga zeChiefs ukushweba kwabadlali phambi kwepali. UKaze uthi abadlali badinga ukuzethemba ukuze izolungiseka inkinga yamagoli esihlale iminyaka kuMakhosi.

“Kufanele sikhulise ukuzethemba kubadlali, ngoba siyawathola amathuba okukora futhi siyafika emapalini,” kusho uKaze ekhuluma nabezindaba eNaturena Village.

“Sidinga ukuphaphama phambi kwepali. Sidinga ukulilambela igoli, singene ngobuningi ebhokisini.

“Kwesinye isikhathi umdlali ugeja igoli, ngosuku olulandelayo uyabulawa ezinkundleni zokuxhumana. Bavele bambulale. Kuthaha isikhathi ukubuyisa ukuzethemba kulowo mdlali.

“Ngakho ke kufanele abadlali baqine ukhakhayi.”