Kunabantu abawu 48 abangakatholakali emva kokumuka nezikhukhula ezashiya kukhalwa KwaZulu Natal ngenyanga edlule.

UNgqongqoshe uMnuz Sipho Hlomuka womnyango wezokuBusa ngokubambisana neziNdaba zoMdabu, uqinisekise lesibalo namhlanje ekuseni esithangamini sabezindaba. 

UHlomuka uthe bawu 445 abantu abashona, abawu 386 abaseThekwini, 31 Ilembe, 7 Ugu, 4 King Cetshwayo, 3 Harry Gwala, 2 uMgungundlovu, 2 uMzinyathi. 

“Kuphazamiseke izimpilo zabantu abawu 77 600 kwaguguleka imizi ewu 7 286, imizi eyathinteka kodwa yangaguguleka iwu 12 062. Imali edingekayo ukuze kulungiswe umonakalo esifundazweni uR25 billion,” kusho uHlomuka. 

Uthe ithimba le-Disaster management lisaqhubeka nomshikashika wokubheka abantu.

“Ithimba le disaster management lisaqhubeka nokusiza abantu, nokuthungatha abantu abangakatholakali. Sisaqhubeka njengo Mnyango nokusiza izakhamuzi ngezinto ezizidinga kakhulu okuwu kudla, amanzi, izindawo zokuhlala kanye nosizo lwezempilo,” kulandisa uHlomuka.

Eqhuba uthe izikhukhula zamosha kakhulu ingqalasizinda okuyiyona eletha amanzi, ugesi nokuhambisa indle. Uxwayise abantu abakha amanzi emfuleni ukuthi baqaphela. 

Uthe: “Ukumosheka kwamapayipi amanzi ngesikhathi sezikhukhula, kuletha ubungozi bokungcola kwamanzi. Amanzi amaningi emifula eseThekwini sekutholakale ukuthi anephesenti elikhulu legciwane elibizwa nge-E.Coli, ngenxa kwendle engena emifuleni.Siyanxusa ukuba abantu bazigade.”

UHlomuka uthe loku kuzobeka abantu engcupheni yokuthola izifo ezifana neCholera, Hepatitis, Typhoid Fever kanye nezinye. 

Eqhuba uthe ukukhuculula lesifundazwe kuyaqhubeka kanti ziwu 98 izindawo ezivulelwe abantu abalahlekelwa izindlu ukuthi bahlale kuzo.