Umqeqeshi we-Orlando Pirates uMandla Ncikazi usedlulise ukuxolisa kubalandeli beqembu ngemuva kokushaywa yiSuperSport United kwiligi, okuwumphumela obashiye besendaweni yesithupha kwiDSTV Premiership.

Amaphupho okudlala iCAF Confederations Cup ashabalele izolo eLucas Moripe Stadium iBucs ithola induku ka 2-0 emdlalweni wokugcina ngci.

UFortune Makaringe wehlelwe umshophi omkhulu eshaya igoli kunozinti wangakubo esiwombeni sokuqala. AmaTsatsantsa athole iphenathi esiwombeni sesibili, evalelwe enethini uGhampani Lungu. Lomphumela ufake iSuperSport kwiTop 8 ngembobo yenaliti, kwasala ngemuva iGolden Arrows.

“Abalandeli nezikhulu zePirates akubafanele ukubhekana nosizi olunje. Umphumela wanamuhla uchaze kabanzi ngesizini yethu engabanga yinhle.

Kufanele ngixolise ngokufaka iqembu ehlazweni lokubhacaza kulesizini. Angeke ngichaze kakhulu. Angiboni siyiqembu elibozayo, sikhande amathuba angcono kodwa umphumela unomehluko omkhulu. Angifuni nokuchaza ngomphumela.

Ngizolibeka ngembaba elokuthi sihluliwe, sathola ngekhadi elibomvu. ISuperSport iphindiswe iphenathi, noma ungayichaza ngendlela yakho into eyenzekile. Ekugcineni kosuku sihluliwe, ngiphoxekile kakhulu,” kubeka lomqeqeshi ekhuluma nabeSupersport TV.

IBucs ibidinga ukunqoba ngamagoli amahlanu eqandeni ukuze izobuyela kwiConfederations Cup ngesizini ka-2022/23.