Umdlali weWest Ham United uKurt Zouma usegwetshwe amahora angu-180 esebenzela umphakathi njengoba etholwe enecala lokuhlukumeza ikati lakhe.
UZouma ulivumile icala lokukhahlela nokufumba ngempama ikati. Lomdlali uyalelwe ukuthi angaligcini ikati isikhathi esiyiminyaka emihlanu.
UZouma walandelwa abomthetho ngoFebruary ngesikhathi kusabalala i-video yakhe eshaya ikati. I-video yafakwa umfowabo omncane uYoan Zouma kuSnapchat.
Ngesikhathi evele eNkantolo yeMantshi eThames, uZouma (27) ulivumile icala lokuhlukumeza ikati ngokulikhahlela esiswini nokulishaya ngempama ekhanda.