Umdlali weWest Ham United uKurt Zouma usegwetshwe amahora angu-180 esebenzela umphakathi njengoba etholwe enecala lokuhlukumeza ikati lakhe.

UZouma ulivumile icala lokukhahlela nokufumba ngempama ikati. Lomdlali uyalelwe ukuthi angaligcini ikati isikhathi esiyiminyaka emihlanu.

UZouma walandelwa abomthetho ngoFebruary ngesikhathi kusabalala i-video yakhe eshaya ikati. I-video yafakwa umfowabo omncane uYoan Zouma kuSnapchat.

Ngesikhathi evele eNkantolo yeMantshi eThames, uZouma (27) ulivumile icala lokuhlukumeza ikati ngokulikhahlela esiswini nokulishaya ngempama ekhanda.