UMengameli waMaZulu uSandile Zungu usedalule ukuthi sebekhumelene umlotha neKaizer Chiefs mayelana nodaba lokushela uSiyethemba Sithebe esanenkontileka oSuthwini.

UZungu uthi wabamba umhlangano noBobby Motaung benoJessica Motaung, baphetha ngokuxolelana.

UMengameli woSuthu wayesola iChiefs ngokuyenga uSithebe ekubeni wayenezinyanga ezingaphezulu kweziyisithupha kwinkontileka yakhe neqembu. USithebe wagcina evumile ukujoyina iChiefs uma kuphela inkontileka yakhe ngoJuni.

UZungu walandela ngokuhoxisa lomdlali ekutheni athole isikimu.

“IChiefs ayikhombisanga ukuba neqiniso ngoba yafinyelela kwisivumelwano noSithebe yize iwindi lingakavulwa ngoJanuary. Saya emaholidini ngoDisemba kodwa iChiefs yayisiqede konke nomdlali, iwindi lalivula ngomhlaka 1 kuJanuary. Ngamtshela uBobby ukuthi angijabule ngesenzo sabo,” kubeka uZungu ekhuluma noVictor Molefe kuKhozi FM.

UZungu uthi wabamba umhlangano nezikhulu zeChiefs ngenhloso yokuxazulula lesimo.

“Sinobudlelwano obuhle namanye amaqembu, akusiyona iPirates kuphela. Bengiwumlandeli wayo ngaphambilini kodwa sebeyizitha zami manje.

Sinobudlelwano obuhle namaqembu afana neTS Galaxy neCape Town City. Ngisho nayo iKaizer Chiefs siyezwana nayo, sibeke idlebe mayelana nokwenzeka ngabadlali bayo. Sikhulumile noBobby benoJessica Motaung. Sekudlulile manje, sinoxolo, akusekho ukungaboni ngasolinye,” kusho uZungu.

USithebe uzojoyina iChiefs njengoba inkontileka yakhe iphela ngenyanga ezayo.