NgoMsombuluko ekuseni, iKaizer Chiefs iqinisekise ukusayinisa kwabadlali ababili beStellenbosch FC uZitha Kwinika no-Ashley du Preez. Bobabili labadlali bazojoyina ngomhlaka 1 kuJulayi.
Ukusayina ngokusemthethweni kwalabadlali kuyisitatimende kumqeqeshi u-Arthur Zwane omagange ngokukhuculula uvucu olungadingeki eqenjini, atheze abadlali abazobuyisa izinsuku zenjabulo eNaturena.
UKwinika noDu Preez bashaye into ecokeme kulesizini bebeka iStellies endaweni yesine kwiDSTV Premiership.
UKwinika usenesikhathi eside ehamba lendlela kuPSL kwazise uqale kuyona iChiefs eyagcina imchithele kwiThanda Royal Zulu. Ulandele ngokusayina kwiChippa United ahlale kuyo isikhathi ngaphambi kokujoyina iBidvest Wits. Ukudayiswa kweWits kumdonsele eWestern Cape, wathola iStellenbosch esigcine sesimqoke njengokaputeni.
UKwinika ubeke kanje ngemuva kokuqinisekiswa kokuhamba kwakhe eWinelands.
“Ngiyabonga kwiStellenbosch, ikakhulukazi umqeqeshi uSteve Barker, umphathi uRob Benadie kanye nozakwethu ebegidlala nabo. Bangisizile ngaba umdlali ongcono, ngiyabonga kakhulu eqenjini nakubi bonke abantu abayingxenye yeqembu. Ngibonga nabalandeli ngothando abalukhombise kimi.
Yize sengibheke impilo entsha nezingqinamba eziphambili, ngizohlezi ngimele indawo yaseWinelands lapho engiya khona ngoba bangisizile ngaba umdlali osezingeni,” kusho uKwinika esitatimendeni esikhishwe iStellies.
Umgadli uDu Preez ulindelwe ngabomvu eNaturena njengoba edlala ibhola elinejubane futhi enezimpawu zokuba bukhali phambi kwamapali. UDu Preez (24) ushaye amagoli angu-9 kulesizini.
“Bekungelula ukuthatha isinqumo sokushiya iStellenbosch ngoba iqembu lisendaweni engikhule kuyo, umphakathi ongikhulisile lona.
Ngiyabonga kubaphathi, ithimba labaqeqeshi, uGarth le Roux noRob Benadie. Ngiyabonga ngokungeseka kwenu. Ngidlukisa ukubonga nasemphakathini obungeseka kujabulwa noma sekubheda,” kubeka uDu Preez.
Oyisikhulu seStellies uBenadie uthi bebengeke bekwazi ukuma endleleni kaDu Preez ngesikhathi sekungqongqoza iChiefs.
“U-Ashley umdlali osezingeni, besifisa ukumgcina eqenjini aze abeke amakhokho emgibeni. Ngebhadi angeke kwenzeke kanjalo, ulisebenzele iqembu, simfisela okuhle ohambeni lakhe,” kubeka uBenadie.