Sphamandla Gumede

Usethole amadlelo aluhlaza eSweden umgadli wakuleli uRyan Moon osesayine inkontileka yeminyaka emithathu neVarberg BoIS. 
UMoon (24) uzofulathela iNingizimu Afrika ngoLwesine, alibangise eSweden. 
Umqeqeshi weStellenbosch uSteve Barker ubongele uMoon ngokufeza iphupho. 

“Kuyajabulisa ukubona abadlali belandela amaphupho abo. URyan kudala efuna ukuyodlala e-Europe, sijabule ukuthi uzokwazi ukuyofeza amaphupho akhe. Simufisela konke okuhle,” kuchaza uSteve Barker ecashunwa yi-website yeStellies. 

UMoon uqale ukubonakala kwiMaritzburg United ngo-2015 ngaphambi kokujoyina iKaizer Chiefs nokuyilapho ethole khona udumo. 

Ushaye udaka eNaturena, wagcina esexoshiwe ngo-2019 kusaqeqesha u-Ernst Middendorp. 
Imenenja yakhe uModise Sefume ubeke kanje. 

“UMoon ujabule kakhulu. Yithuba elikhulu leli. Ubefuna ukuyodlala e-Europe, ayozibonakalisa khona. Kube nzima ukutholela uMoon iqembu e-Europe njengoba kuhlasele iCovid-19. Ngiyajabula ukuthi iVarberg neStellenbosch bakwazile ukuxoxisana ngaphandle kwezihibe,” kuphetha uSefume. 

IVarberg izodlala esigabeni esiphezulu se-Allsvenkan kulesizini njengoba yanqoba ehlathini ngesizini ka-2019/20.