IMK Party isiveze ukuthi azobhekelwa ezinye izikhundla amalungu eqembu akhishwe ePhalamende.
Lamalungu ayephikisa isinqumo sokuxoshwa, aya eNkantolo eNkulu yaseWestern Cape, efuna kumiswe ukufungiswa kwamalungu amasha ezikhundleni zawo.
Ngesonto eledlule, inkantolo yanquma ukusichitha nezindleko isicelo esiphuthumayo samalungu eMK Party. Lamalungu afunge agomela ukuthi azosiphonsela inselelo isinqumo senkantolo.
Ekhuluma engxoxweni ekhethekile nabeSABC News, uMagasela Mzobe, okhulumela ihhovisi likamengameli weqembu, uthe bazofunelwa ezinye izikhundla abahoxiswe ePhalamende.
UMzobe uthi lesiphakamiso siqhamuke nomengameli weqembu uJacob Zuma ozama ukubuyisana namalungu.
“Siyiqembu elimele abohlanga futhi siyaqonda ukuthi nemali bayayidinga. Ukufungiswa kwamalungu aphinde ahoxiswe kuthunaza isidima, isithunzi nemindeni yabo,” kusho uMzobe.
UMzobe uthi ukuhoxiswa kwamalungu akuchazi ukuthi akhishwa inyumbazane eqenjini.