Amaqembu adlala kwimiqhudelwano yeCAF, okuyiCAF Champions League neCAF Confederation Cup azothola imali enhle kule sizini ngenxa yezigidi ezifike nabaxhasi abasha.

Kumaqembu akuleli, iKaizer Chiefs neStellenbosch FC bazibekisele indawo esigabeni samaqoqo eConfedaration Cup, kanti kwiCAF Champions League iNingizimu Afrika izomelwa yiMamelodi Sundowns kuphela ngemuva kokwehlele i-Orlando Pirates e-Orlando Stadium ngoMgqibelo.

Noma Ezimnyama seziwashiswe ijezi zisuka, zizothola uR1,8 million ngokudlala kwi-preliminary round kabili.

Amaqembu azodlala esigabeni samqoqo kwiConfederation Cup azohlomula imali ebalelwa kuR7 million. Azofinyelela kuma quarterfinal azothola omunye uR10 million ngaphezulu, kanti ukufinyelela kumasemifinal kuza no R13,8 million. Uma iqembu lifinyelela kowamanqamu kodwa linganqobi, lizoythola u-R18,5 million, kanti ozonqoba umqhudelwano uzohamba no-R37 million.

KwiCAF Champions League okuzodlala kuyo iSundowns, ukudlala esigabeni samaqoqo kuza noR12 million. Ukufinyelela kuma quarterfinal kuzongenisa u-16,5 million. Kuno-R22 million olinde amaqembu azofinyelela kuma semifinal, bese kuba noR37 million otholwa yiqembu elizoshaywa kowamanqamu. Iqembu elinqoba iCAF Champions League lizothola uR74 million.

Phambilini amaqembu akuleli abengakuthandisisi ukudlala kwimiqhudelwano yeCAF ngenxa yokungatholi imali eyanele ukumelana nezindleko zokuhlelela imidlalo, kodwa njengoba isikhuphukile imali, lokhu sekuzoshintsha. Kuzokwenza namaqembu akwazi ukuyihlelela kangcono imiqhudelwano yeCAF.