UBongani Zungu uthi akumchazi nakancane ukuba yingxenye yomdlalo womkhaya phakathi kweKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates, kunalokho usejwayele ukubhekana namaqembu afana neParis Saint-Germain eFrance.

UZungu (29) usefana nomdlali ongenalo iqembu okwamanje njengoba inkontileka yakhe izophela ngomhlaka 30 Juni 2022.

IMamelodi Sundowns, aseke wayidlalela phambilini kanye neChiefs bamfuna uthuli uZungu.

Ekhuluma no-Andile Ncube ohlelweni lweSports Nights Amplified, uZungu uvumile ukuthi kukhona amaqembu amshelayo kodwa iSundowns kuphela esakhulume nemenenja yakhe.

“Angikaze ngichaze iSoweto Derby. Mhlampe kwenziwa ukuthi bengidlala kwiSundowns. ISundowns iyiqembu elikhulu. Nibhekane nePSG eFrance,” kubeka uZungu.

UZungu uthe usengabuyela kwi-Amiens ngoba uMengameli weqembu umkhonzile.

“Angeke ngiqinisekise ukuthi ngihambile kwi-Amiens, ibhola angeke uliqonde. Abantu badidwa izinto abazifunda emaphephandabeni. I-Amiens iyangithanda noMengameli ungikhonzile.

Uyafisa ngiqhubeka eqenjini, ufuna ngibe ukaputeni, uthembisa ukunginikeza inkontileka enhle kakhulu. Wangikhumbuza nokuthi indodana yami yazalelwa eFrance, ngiyakucabanga ukuhlala kwi-Amiens.

Ngisemncane ngokweminyaka. Impilo yami iseyinde uma sengiqede ibhola. Isinqumo engizosithatha sizohamba kulowomcabango ngoba nginendodana manje. Mhlampe ngifisa ukumbina ekhulela eFrance,” kubeka uZungu.