Umgadli weCape Town City uKhanyisa Mayo uthi akumthusi nakancane ukubhekana nengcindezi yokudlala kwiBafana Bafana.

UMayo (23) obizwe okokuqala ngqa kwiBafana, ulandela ezinyathelwenk zikayise uPatrick Mayo oseke wayibamba esikwatini ngaphambilini.

IBafana izobhekana neMorocco emdlalweni wokuhlungela i-AFCON 2023 ngomhlaka 9 kuJuni eRabat.

“Kuyinto enkulu ukuba yingxenye yesikwati seBafana Bafana, nokubonwa umqeqeshi uHugo Broos. Sengiwubheke ngabomvu umdlalo weMorocco ngesonto elizayo.

Kuyangijabulisa ukubizwa esikwatini ngoba bengizimisele kakhulu kulesizini. Abadlali bangesekile, bamgamukela ekhempini.

Kuzoba nzima ngoba ngibizwe okokuqala esikwatini. Ngikwazile ukujwayela ngokushesha. Umdlali kufanele akwazi ukumelana nengcindezi yokudlala esikwatini. Sinemiqondo eqinile, nemimoya iphezulu ekhempini, umdlalo weMorocco siwulungele,” kusho uMayo.