Ukuhlehliswa komdlalo weRoyal AM neChippa United ngaphandle kwezizathu ezicacile kubeka ngokusobala ukuthi aseqala ukuphela amahlathi okucashela udaba lukaSamir Nurkovic eqenjini likaShauwn Mpisane.

Ngokwemibiko abadlali beThwihli Thwahla batshelwe ukuthi ababuyele emakubo ngoMsombuluko ngesikhathi sokuziqeqesha. IChippa United ibe isitatimende ngo-7.20 ebusuku iveza ukuthi ngeke usaqhubeka umdlalo wayo naleli qembu laseThekwini obuhlelelwe uMgqibelo.

Ngokwesitatimende seChilli Boys, iPSL ayizivezanga izizathu zokuhlehliswa komdlalo, okuzwakale kuyenenga iChippa.

Kuzokhumbuleka ukuthi iRoyal AM isinqunyelwe ugwayi katiki odabeni lwemali eyikweleta uNurkovic ebalelwa kuR15 million. Ummeli wakhe ngoNovemba nyakenye ubhalele iPSL ecela ukuthi ixebule kuR2 million onikezwa iRoyal AM zinyanga zonke ukuze kukhokhelwe uNurkovic, kodwa iPSL ngathi ayikasiphasisi leso sicelo.

Okunye okubhekene neRoyal AM wukuthi uma lolu daba lubuyela kwiFIFA kungenzeka kuphume umyalelo wokuthi iphucwe amaphuzu kule sizini, okuzoyishovela ehlathini njengoba ivele ikunomboloi 15 kwilog.

IPSL ayikasikhiphi isitatimende ngokuhlehla komdlalo wangempelasonto, kodwa kuzomele iziveze izizathu namhlanje noma kusasa.