Umqeqeshi weKaizer Chiefs u-Arthur uthi iqembu lakhe lizodlala ngaphandle kokusaba uma selibhekene nompetha beDSTV Premiership ngeSonto eLoftus Stadium.
IChiefs isihleli ngaphezulu kweSundowns kwiDSTV Premiership njengoba ihlulwe iTS Galaxy ngo 1-0 izolo ebusuku. IGlamour yanenebula iMaritzburg United ngo 3-0 ngoLwesibili.
Lomdlalo uzobe ulindelwe ngabomvu kubalandeli bamaqembu. UZwane uthi bazoyihlasela zibekwa iSundowns.
“Asinalo uvalo, alikho iqembu esilisabayo. Sizokwenza kangcono uma singeke senze amaphutha emdlalweni weSundowns. Kusekuningi okufuneka sikwenze, kuzobe kuwumdlalo wesithathu kuphela lo.
Akufuneki sicabange ukuthi sizohlulwa umdlalo ungakaqali, sizoya eLoftus sifuna amaphuzu agcwele. Sizobanikeza umdlalo, nabo banezindawo ababuthaka kuzona. Sizobheka lapho bebuthaka khona, sigadle lapho.
Akufuneki sibavumele ukuthi balawule umdlalo bephathe nebhola isikhathi eside. Bazokukhathaza, ekugcineni bakushaye. Kufanele siqinisekise ukuthi womabili ayalingana emdlalweni, sibafake le ukushisa. Banethimba labaqeqeshi elihle futhi nesikwati sabo siqinile.
Sizodlala siyiKaizer Chiefs, angeke sibheke ukuthi sidlala naliphi iqembu. Imidlalo sizoyibheka ngendlela efanayo,” kubeka uZwane ekhuluma nabezindaba.
UZwane uthe ukunqoba kwiMaritzburg kubanyusele ukuzethemba abadlali. Uthe uselindele ukubona ezakhe zidlala njengoba zenzile ngoLwesibili.
“Bssidinga ukunqoba kwiMaritzburg ukuze sizobuyelwa ukuzethemba ngaphambi komdlalo weMamelodi Sundowns. Bekufanele sibuyise ukuzethemba. Iseyinde indlela esizoyihamba. Azoba khona amaphutha emdlalweni, kodwa kufanele senze kangcono. Kufanele siyilawule imidlalo yasekhaya, amaqembu kumele adansele isiginci sethu.
SiyiKaizer Chiefs, angeke sishaye igoli elilodwa, silandela ngokupaka ibhasi. Sifuna ukushaya amagoli amaningi, kuzobonakala ngokuzimisela kwabagadli.
Ngizozama ukubheka abadlali. Imidlalo isondelene, angeke sikwazi ukudlala ngegiya elilodwa kuyona yonke imidlalo. Isivinini nendlela yokudlala akufanele ishintshe,” kubeka lomqeqeshi.