Umqeqeshi weStellenbosch uSteve Barker uthi bazimisele ngokuqhuba umgqigqo wokungahluwa kwiDSTV Premiership uma sebedlala ne-Orlando Pirates eDanie Craven Stadium namuhla ebusuku.

IStellies sithole iphuzu elilodwa emdlalweni wokuqala kwiligi sibhekene neMarumo Gallants ekuhambeni. UBarker uthi kufanele bathole amaphuzu amathathu kwiBucs. AmaBhakabhaka anqobe ngo 1-0 kwiSwallows ngempelasonto eyedlule.

“Kunzima ukudlala ekuhambeni emdlalweni wokuqala weligi, nakhona besilibangise ePolokwane. Kuyajabulisa ukubuya nephuzu elilodwa ekuhambeni. Kubalulekile kakhulu uma singakwazi ukuthola amaphuzu amathathu ekhaya uma sesidlala nePirates.

Ngizibonile izimpawu ezinhle ngendlela esidlale ngayo, izitobha bezifase amabhawodi emuva. IPirates inokuzethemba okukhulu njengoba yawina umdlalo wokuqala, izofuna ukuqhubeka nomgqigqo wayo.

Nathi sifuna ukukhombisa ukuthi singamelana nayo. Sidlalela ekhaya, kufanele sizimisele ukuze sizobuya namaphuzu amathathu,” kubeka uBarker ecashunwa i-website yeqembu.

UBarker ubeke ithemba kubadlali abasha, ukholwa ukuthi bazokwenza kangcono ngokuqhubeka kwesizini.

“Ngijabule ngabadlali esibathengile, bazimiselile ngempelasonto, bazokwenza kangcono uma abadlali sebefundana sebekwazi nokutholana enkundleni.

Ngijabule ngomdlalo wangempelasonto. Ngiyibheke ngabomvu yonke imidlalo yeligi ngoba Sibuya kwisizini ebiyinhle eqenjini ngonyaka odlule.

Kubalulekile ukuthi sikhombise inqubekelaphambili siyiqembu, ngikubhekile lokho. Kunemidlalo enzima emihlanu ezayo. Kodwa kuhle ukudlala ngaphansi kwengcindezi ngoba sinethuba lokubeka umaki uma sesibhekene nalawo maqembu,” kubeka lomqeqeshi.