Isitobha sePretoria University uHarold Majadibodu uthi iqembu kufanele likudlulise ukuphoxeka ngoba bengayiwinanga iGladAfrica Championship, kunalokho ugqugquzele ukuthi abadlali bagxilise imiqondo kuma-playoffs okuhlungela ukungena kuPSL.

Ngemuva kokuphuthelwa ithuba lokunyukela kwiDSTV Premiership ngempelasonto, AmaTuks asezodlala emidlalweni emine yama-play-offs, okungeyokuhlungela ukunyukela esigabeni esiphezulu. Kuzodlala AmaTuks, iCape Town All Stars kanye neqembu elizoqeda endaweni ka-15 kwiDSTV Premiership.

AmaTuks adlala ngokulingana neHungry Lions, okuwumphumela owahambisa isicoco kwiRichards Bay FC.

“Akufanele sicabange ngesizini ephelile. Kuzoba nzima, izobuya imicabango ngemidlalo esiziyekele ukuyinqoba. Sekuyaphoqa ukudlala ama-playoffs, kufanele sibuye ngamandla ukuze sizonqoba ama-playoffs. Kuzoshuba ngoba wonke amaqembu azobe elwela ukuwina.

Besifuna ukuwina iligi kodwa akwenzekanga lokho. Kuyimanje asicabangi ngokufana. Kufanele sikholwe ukuthi singawina. Besinerekhodi lemidlalo engu-13 singahlulwa. Kumele siqhube lelorekhodi kuma-playoffs,” kusho uMajadibodu oseke wayibamba kwiMamelodi Sundowns.

Amaqembu amabili AKUNFD azohlaba ikhefu lesonto ngaphambi kokubuya ezodlala kuma-playoffs. Umqeqeshi wamaTUKS uTlisane Motaung uthi kufanele bayiqale ngomfutho imidlalo yama-play-offs.

“Sekusele ama-playoffs, kumele siwalungiselele ngendlela. Ngizobagqugquzela abadlali, ngibenze bakholwe ukuthi basenalo ithuba. Akufani nokuthi siqede endaweni yesihlanu, singene kuma-playoffs, lose khona ithuba lokunyukela esigabeni esiphezulu,” kusho uMotaung.