IRoyal AM isikuqinisekisile ukudayiswa kukaVictor Letsoalo, yaphinde yadalula amaqiniso ngodaba lweKaizer Chiefs ebimfuna lomdlali.
ISekhukhune ikhiphe u-R3 million kuphela ithenga uLetsoalo ngoLwesithathu.
Umqeqeshi weKaizer Chiefs u-Arthur Zwane waphumela esidlangalaleni echaza ngokufuna uLetsoalo kodwa wathi kunzima ukuthola ngoba uyabiza.
Imithombo engaphakathi kwiChiefs yaveza ukuthi iThwihli Thwahla yacela u-R20 million. Lokho kwadala ukuthi uLetsoalo acasuke, wagcina esefake incwadi yokushiya eqenjini ngenyanga eyedlule.
IRoyal AM is ikhiphe isitatimende icacisa ngesimo sikaLetsoalo.
“UVictor Letsoalo ungumdlali osezingeni eliphezulu, ulisize kakhulu iqembu. Ushaye into ecokeme ngesizini edlule eshaya amagoli angu-14 kuyona yonke imiqhudelwano. Ubeziphatha kahle isizini yonke. Ukuzimisela kwakhe kusilethele imibiko engamanga. Asikaze sinqabe ukudayisa uLetsoalo.
Ngesonto eledlule, uLetsoalo ukhulume nezikhulu ecela ukukhululwa ukuze ezodlala eqenjini elisondelene ngendawo yangakubo (Limpopo). UMengameli weqembu kanye nebhodi bavumile ukukhulula uLetsoalo.
ISekhukhune United ikhulume nathi ibuza ngoLetsoalo, ilandele ngokuthumela incwadi ecacile, savuma ukuyidayisela umdlali.
Imibiko yabezindaba eveza ukuthi sicele u-R20 million kwiKaizer Chiefs namanye amaqembu ishaya eceleni.
Sisebenzisana kahle neKaizer Chiefs namanye amaqembu akuDSTV Premiership. Besizokhuluma neChiefs ukube ithumele isicelo esibhalwe phansi.
Angeke sime endleleni yomdlali ocela ukushiya eqenjini, ikakhulukazi uma kuneqembu eselithumele isicelo esicacile kithina,” kubeka isitatimende seqembu.