Isethenjwa seKaizer Chiefs uKhama Billiat uthi ukushaya udaka kweqembu akudalwa ukubuya kwabalandeli ezinkundleni.
Kusukela kwaqala ukubuya kwabalandeli kuPremier Soccer League (PSL), iChiefs Ilandelwa isibhaxu. Iqale ngokushaywa iSuperSport United, kwalandela iStellenbosch neLamontville Golden Arrows.
Kulempelasonto eyedlule, iChiefs ihlulwe iCape Town City ngo 2-1 eFNB Stadium. Kufike idlanzana labalandeli beGlamour Boys kulomdlalo, nenkundla ibizithulele.
UBilliat uyaphika ukuhlulwa kwabo emidlalweni emine eyedlule akudalwa ingcindezi yokubuya kwabalandeli.
“Abalandeli abasithusi, kunalokho bayaseseka ukuze sibe ngcono. Akufanele sisabe ukudlala phambi kwabo, besibakhumbulile kakhulu. Yilokho okufanele sikucabange.
Kumele sifunde ukuthi abalandeli basuke bezokweseka iqembu, befuna sinqobe imidlalo noma kunzima. Kubalulekile ukubuya kwabo enkundleni. Siyajabula ngokubuya kwabo, basinikeza umdlandla owengeziwe,” kubeka uBilliat.
Ukuhlulwa kweChiefs kuyinciphisele amathuba okubuyela kwiCAF Champions League njengoba isicuphe endaweni yesihlanu kwiDSTV Premiership.
Amakhosi anethuba lokubuyisa izinduku uma esebhekana neMarumo Gallants khona eFNB Stadium ngoLwesibili.