URalf Rangnick uthi uvumelene nezikhulu zeManchester United ngokushenxa esikhundleni sokuba umeluleki weqembu.
I-United imemezele izindaba zokuhamba kukaRangnick ngeSonto. URangnick waqokwa njemgebamba likamqeqeshi kwi-United ngesikhathi kuxoshwe u-Ole Gunnar Solskjaer ngoNovemba wangonyaka odlule.
URangnick wasayina isivumelwano sokuqhubeka abe umeluleki we-United uma sekuphele isizini. Bekubukeka ezoqhubeka nomsebenzi wakhe e-Old Trafford yize ethole umsebenzi omusha wokuqeqesha iqembu lesizwe lase-Austria ngenyanga edlule.
Njengoba sekuqokwe u-Erik Ten Hag njengomqeqeshi we-United omusha, isikhathi sikaRangnick sesiphelile.
Lomqeqeshi ubeke kanje ekhuluma esithangamini nabezindaba:
“Ngibambe izingxoxo nebhodi leqembu ngemuva komdlalo weCrystal Palace ngesonto eledlule. Sifike kwisivumelwano sokuthi ngishenxe esikhundleni, ngiqinise eqenjini lesizwe lase-Austria engiyoliqeqesha. Lesinqumo sithathwe ngoba ngizicabangela mina neManchester United.
Sinqume ukuqeda ngesivumelwano sethu sokuthi ngisebenze njengomeluleki. Siyinqamulile inkontileka,” kubeka uRangnick.
I-United iqede isendaweni yesithupha kwiPremier League, yasala emuva ngamaphuzu angu-35 kwiManchester City ekhale yemuka nesicoco.