Abadlali be-Orlando Pirates bamuvalelise nge-win ka 3-0 obengumqeqeshi weqembu uJose Riveiro, ofunge wagomela ukuthi akasoze aqeqeshe elinye iqembu eNingizimu Afrika ngaphandle kweBucs.

Lo mqeqeshi uveze lokhu ngemuva komdlalo wabo neGolden Arrows abebedlala ingcwenga yebhola kuwo kusukela uqala waze wayophela.

Ekhuluma ngemuva komdlalo uRiveiro ukubeke kwacaca ukuthi uyiBhakaniya.

“Angisoze,” kuphendula lo mqeqeshi ebuzwa ukuthi engawuthatha yini umsebenzi kwelinye iqembu lePSL.

“Once Always – angisoze ngaqeqesha elinye iqembu eNingizimu Afrika. NgiyiBhakaniya.

“I-Orlando Pirates ilona qembu engingaba nogqozu namandla okubuya ngizoqeqesha kulelizwe, angikungabazi lokho.”

URiveiro unqobe iMTN8 kathathu kulandelana namaNedbank Cup amabili ngesikhathi sakhe kwiPirates. Uthathe iqembu walibeka kuma semifinal eCAF Champions League okulibuyisele ematheni kubathandi bebhola e-Africa.

Lo mqeqeshi kulindeleke ukuthi amenyezelwe njengomqeqeshi omusha we-Al Ahly maduze.

Ebuzwa ngezindaba ezimkhomba kulo msebenzi ezingakaqinisekiswa uRiveiro uthe akakwazi ukusho lutho njengamanje.

“Angikwazi ukuwuphendula umbuzo ngoba akuwona umsebenzi wami ukwenza isimemezelo…kodwa kuzoqinisekiswa maduze. Ngicabanga ukuthi wonke umuntu uzosiqonda isinqumo sami, bangijabulele futhi bangifisele okuhle.”