Umdlali weMamelodi Sundowns uDivine Lunga usekubeke kwacaca ukuthi ufuna ukulwela indawo yakhe esophondweni lwesokunxele emuva, hhayi ekubeni yisitobha lapho adlaliswe khona bebhekene neKaizer Chiefs.
Kusukeka asayina esuka kwiGolden Arrows ngoJulayi wangonyaka odlule, uLunga ulizwa ngendaba ijezi eChloorkop. Usabonakale emidlalweni engu-11 kuphela kulesizini.
Njengoba uLunga ekhahlela ngonyawo lwesokunxele, abalandeli abaningi babe ngezinsolo zokuthi lomdlali uzoguqulwa, ayibambe is maphakathi nodonga emuva kwazise uRicardo Nascimento wayesededeliwe.
Leyonkulumo yaqala phansi ngesikhathi lomdlali esedlala maphakathi nodonga emdlalweni owaphela ngo 1-1 bebhekene neChiefs.
ULunga uthi akafuni ukudlala maphakathi nodonga kodwa engadlala khona uma kushoda abadlali emuva njengoba kwenzeka emdlalweni weChiefs.
“Kubalulekile ukuthatha amathuba ebholeni, akukhathalekile ukuthi udlala kuyiphi indawo kodwa mina ngidlala ophondweni lwesokunxele emuva.
Iqembu belibhekene nenkinga kulimele zonke izitobha, bekufanele ngidlale odongeni lwasemuva ukuze ngizosiza iqembu. Iqembu yilona elibalulekile ukudlula mina. Mina ngihlose ukulwela indawo yami ophondweni lwesokunxele,” kubeka uLunga.
ULunga uthi ifomu enhle ekhonjiswa uLyle Lakay no-Aubrey Modiba kulesizini iyamgqugquzela ukuthi aqinise kakhulu.
“Ngiyathanda ukuncintisana. ULyle no-Aubrey badlali kahle. Ukuzimisela kwabo kuyangigqugquzela. Kunzima ukuthola isikimu kwiSundowns kodwa umbango wejezi yiwona okufakela umdlandla wokulwela indawo yakho.
Sekufanele sinqobe iNedbank Cup ukuze sizothatha izindebe ezintathu. ISundowns iyiqembu elikhulu eNingizimu Afrika, kufanele inqobe zonke izindebe,” kusho uLunga.