Umqeqeshi we-Orlando Pirates uthi baningi kakhulu abadlali esikwatini sakhe, yingakho enegcindezi yokuqoka isikimu.

Emdlalweni weligi iPirates ishaya iSwallows ngo 1-0, uRiveiro wabeka ebhentshini uBandile Shandu, Olisah Ndah kanye nabanye abadlali ababeyizinsika kwiBucs ngesizini ephelile.

URiveiro usechaze kabanzi ngesinqumo so kubeka ebhentshini abanye abadlali.

“Angifuni ukuxhamazela ngikhulume ngesikimu isizini yonke. Angeke ngikhulume ngamagama abadlali. Nginesikwati esikhulu, esigqishe kuzona zonke izindawo. Bonke abadlali bayazimisela eqenjini,” kusho uRiveiro.

“Uma ucabanga ngabadlali abangasitholanga isikimu, kuyabonakala ukuthi izinga lokuncintisana liphezulu kakhulu ejimini. Ngiqoka abadlali engimbona ukuthi bakulungele ukubhekana nengcindezi yomdlalo,” kuchaza lomqeqeshi.