Ungqongqoshe wamaPhoyisa kuleli uSenzo Mchunu usephinde wakhipha esinye isitatimende ephendula izinsolo ezibekwe wuKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal ngaye, kulokhu uchitha eyokwazana noVusumuzi ‘Cat’ Matlala osejele ngamacala ahlukene okubalwa kuwo nelokuzama ukubulala.
Esitatimende asiphanyeke emakhasini akhe ezokuxhumana, sasatshalaliswa nasemakhasini eSouth African Police Service (SAPS) uMchunu uthe akakaze nakanye ahlangane noMatlala.
“Noma siwuhlonipha umyalelo kaMengameli ukuthi sehlise umoya, uNgqongqoshe wamaPhoyisa ukubona kubalulekile ukuthi acacise kulokhu:
“Ungqongqoshe akakaze ahlangane noMnuz Matlala. Akakaze akhulume naye futhi akakaze avele lutho kuyena.
“Ungqongqoshe uyena owacela ukuthi kubuyekezwe ithenda yeSAPS ayithola ngemuva kokuveza kwezinsolo zenkohlakalo. Leyo thenda yavalwa.
“Okunye, uNgqongqoshe uyamazi uMnuz Brown Mogotsi kodwa umazi njenge-comrade, ababona abangani noma abantu abasebenzi ndawonye. Naye ungqongqoshe akakaze amcele lutho.”
UMatlala ugqunywe esitokisini ngecala lokuzama ukubulala umakhwapheni wakhe ongumlingisi uTebogo Thobejane.
Ubhekene necala lokuzama ukubulala nelokwakha itulo lokubulala uTebogo ngokubambisana nabanye abasolwa okungunkosikazi wakhe uTsakane Matlala, owadedelwa ngebheyili kaR20 000, uMusa Kekana (35) noTiego Floyd Mabusela (47), nabo ababhekene namacala afanayo nakaMatlala.
ULt General Nhlanhla Mkhwanazi usole uMchunu ngokudukisa iPhalamende ngobudlelwano bakhe nozakwabo okuthiwa uhlobene nobugebengu obuhleliwe – uBrown Mogotsi – ikakhulukazi kumathenda kaVusumuzi “Cat” Matlala okwathi nakuba ebhekene nezinsolo zobugebengu, wanikezwa amathenda e-SAPS.