Umqeqeshi weKaizer Chiefs uNasreddine Nabi useyalele abadlali bakhe ukuthi kufanele babuyisele izinduku kwiCape Town City FC emdlalweni wabo wakusasa ngoba akayizwa eyokushaywa wuMuhsin Ertugral kabili ngesizini eyodwa.

IChiefs izobhekana neCity koweBetway Premiership kusasa ngo-19:30 eFNB Stadium.

Ephawula ngaphambi kwalo mdlalo uNabi uthe kubalulekile ukuthi bawunqobe.

“Umdlalo wethu neCity ubalulekile. Ngifuna abadlali bami bakhombise umoya esiwukhombise emdlalweni odlule ngoba iCity iyiqembu eliqinile noma bekungayihambeli kahle muva nje,” kusho uNabi.

“U-Ertugral wangishaya eCape Town, akumele sivume kwenzeke lokho futhi. IKaizer Chiefs idinga amaphuzu, sekumele sithathe wonke umdlalo osele njomdlalo wamanqamu.

IKaizer Chiefs njengamanje ikunombolo 8 kwiBetway Premiership ngemuva kokuqoqa amaphuzu awu-28 emdlalweni ewu-20.

Abadlali bayo nomqeqeshi wayo sebeveze ukuthi babheke ukuqeda kunombolo 3 okungenani kule sizini ukuze bezodlala kwiCAF Confederations Cup ngesizini ezayo.