Umqeqeshi we-Orlando Pirates uJose Riveiro uthi abaphathi beqembu abambekelanga umbandela omphoqa ukuthi anqobe izindebe kulesizini ngesikhathi eqashwa.

IBucs yagcina ukunqoba indebe ngo-2020 iqukula iMTN 8 kusekhona uJosef Zinnbauer.

“Anginikezwanga umbandela wokuwina izindebe, kodwa ngiwumqeqeshi we-Orlando Pirates. Ngiyakwazi okufiswa abalandeli, sizosebenza ngokuzikhandla ukuze sizogcina izifiso zabalandeli.

Angeke ngithi siyafisa, izifiso ezabantu ababungaza usuku lokuzalwa. Sisebenza kanzima ngenhloso yokubuyisa izindebe kwiBucs, sijabulise abalandeli,” kubeka uRiveiro.

IBucs isiqoqe amaphuzu amane emidlalweni emibili yeDSTV Premiership kulesizini. Ihleli endaweni yesine kwiligi.
IPirates izobhekana neChippa United ngeSonto e-Orlando Stadium.