Umqeqeshi we-Aston Villa uSteven Gerrard uthi yize iLiverpool iphethe ukhilimu wabadlali esikwatini sayo, angeke bayisabe uma sebetholana emdlalweni wePremier League namuhla ebusuku.
ILiverpool isembangweni wezicoco ezintathu uma ukhipha I Carabao Cup abayinqobe ngoFebruary kulonyaka. Ishelelile kwiligi ngesonto eledlule ibambana neTottenham Hotspurs ngo 1-1 e-Anfield Stadium.
UGerrard oyinkakha yeqembu uqale ngokuncoma, wathi isikwati zeLiverpool siqine ukuzedlula zonke ezakhe zabunjwa eminyakeni eyedlule.
“Ibhola lishintshile kakhulu, liyashesha manje. Leliqembu leLiverpool lihle ukuwadlula wonke aseke abunjwa. Liyagijima, abadlali baqinile ngokomqondo futhi bafaka ingcindezi njalo.
Angiqondile ukudelela amaqembu akudala ngoba ngikhule ngiwabukela. Iqembu ebelinqoba i-European Cup naleli ebelihlale lizinqobela iligi, ngikhule ngiwalandela. Ngiyazi ngonyazi lwabadlali nabaqeqeshi ababekhona,” kusho uGerrard.
ILiverpool inethuba lokuqoqa i-UEFA Champions League uma isibhekana neReal Madrid eParc des Prince ngoMeyi 28.
UGerrard uthi bafuna ukwehlisa igwebu kwiLiverpool namuhla. Angeke umphikise lomqeqeshi kwazise iVilla yanenebula iLiverpool ngo 7-2 emdlalweni wangesizini edlule.
“Kumele sizethembe, sinyuse izinga uma sifuna ukulimaza iLiverpool. Angeke ngipake ibhasi umdlalo wonke kodwa angifuni ukukhohlwa ngobungozi. Kufanele sidlale ngokucophelela.
Kuyaphoqa ukuthi sithwale kanzima kodwa sizodlula uma sibumbene. Sisefomini enhle, amathuba sizowathola kulomdlalo.
ITottenham yadlala kanjalo. Yayihlelekile, yalinda izikhathi ezifanele zokuhlasela, yakwazi nokusebenzisa ithuba ngesikhathi ilithola,” kuchaza uGerrard.