Oyisikhulu esiphezulu seSuperSport United uStanley Matthews ukhulume ngekusasa lomdlali osamisiwe ekuzilolongeni neqembu uKudakwashe Mahachi.
UMahachi uhoxiswe ekhempini yeSuperSport ngenyanga edlule ngoba esolwa ngokuhlukumeza ingane yakhe. Indodana yakhe (4) yashiswa ngamanzi abilile emzimbeni, kwagcine sekupholekile ukuthi inqanyulwe umlenze.
UMatthews uthi uMahachi usamisiwe ekuzilolongeni neqembu, udalule nokuthi angeke yelulwe inkontileka yakhe ezophela ngomhlaka 30 Juni.
“UMahachi usamisiwe, ngikhulumile naye nommeli wakhe. Sixoxile ngobunzima benkinga abhekene nayo, sibone kungcono anake izindaba ezithinta umndeni wakhe.
Umisiwe ejimini ngesikhathi kuvela izindaba, namanje usamisiwe. Inkontileka yakhe izophela ngomhlaka 30 kuJuni, angeke siyelule.
“Simcebise ngokuthi azame ukugeza igama lakhe, aqinisekise ukuthi ingane yakhe ithola usizo lwezempilo olufanele njengoba isesimeni esibucayi.
Nawe ungakhuluma naye uMahachi, inkontileka yakhe izophela ngomhlaka 30 kuJuni, angeke siyelule. Usamisiwe namanje, kuyoze kukunge izinkinga zakhe nomndeni,” kubeka uMatthews ekhuluma nabePower Sport FM.