Unozinti we-Orlando Pirates uRichard Ofori usethembise ukuthi iqembu lizokwenza kangcono kulokhu uma selibhekene nezimbangi zaseMorocco kowamanqamu weCAF Confederations Cup.

IBucs izodlala neRS Berkane kowamanqamu kusasa eGodswill Akpabio International Stadium, eNigeria.

Kuzokhumbuleka ukuthi iBucs yathola isibhaxu sika 5-1 kwiRaja Casablanca yaseMorocco uma sekuhlanganiswe imiphumela yemilenze emibili yama-quarterfinals ngonyaka odlule.

IBucs bayishaya ngo 4-0 eMorocco, yadlala ngokulingana e-Orlando Stadium.

U-Ofori uthi angeke bephindwe iqembu laseMorocco ngesibhaxu.

“Angeke sishaywe kulomdlalo. Siya eNigeria ukuyobuya nendebe. Angikaze ngidlale sibhekene neRaja kodwa ngiyawukhumbula umdlalo. IRaja yashaya amagoli amane esiwombeni sokuqala. Lokho Kwalimala irekhodi lePirates e-Afrika.

Asiyibukeli phansi iBerkane, ngoba yashaya amagoli amane ihlula iTP Mazembe kuma-semifinals. Ngiyabona ukuthi iMazembe yathola ikhadi elibomvu esiwombeni sesibili kodwa wagcina nini ukubona iqembu lishaya amagoli amane libhekene neMazembe.

IPirates ibhacazile kwiligi, sekusele iConfederations Cup kuphela kulesizini. Abalandeli bakhumbula iqembu elanqoba, yingakho kufanele sinqobe,” kubeka lonozinti.

IBucs ihleli endaweni yesikhombisa kwiDSTV Premiership, kanti yaziphumela ngokushesha kwiNedbank Cup neMTN 8.

IPirates ishaye into ecokeme kwiConfed Cup, ikakhulukazi uma ibhekene namaqembu aseNorth Afrika. Baqala ngokukhahlela iJS Saoura ngo 2-0 e-Algeria, balandela ngokuhlula i-Al Ahli ngo 2-0 emlenzeni wokuqala kuma-semifinals.

IBucs yaba iqembu lokuqala laseNingizimu Afrika elanqoba iCAF Champions League ngo-1995.

“Iqembu lango-1995 lisakhunjulwa namanje. Sifuna ukukhonya njengalo,” kusho u-Ofori.