URia Ledwaba uthi akasoze wabeka izikhalo zakhe phansi uma iSouth African Football Association (SAFA) isaholwa UDanny Jordaan.

ULedwaba ukhulume kanje ngemuva kokukhala ngaphansi kuJordaan okhethweni lokuqoka uMengameli weSAFA ngoMgqibelo.

UJordaan unqobe ngamavoti angu-186, uLedwaba wavotelwa amalungu angu-27. USolly Mohlabeng uthole amavoti angu-8 kuphela. Ukhetho belubanjelwe eSandton Convention Centre.

ULedwaba uphinde wakhalaza nemithetho emisha eyabekwa iSAFA ngaphambi komhlangano wokuqoka amalungu azobanga isikhundla sikaMengameli. ULedwaba uthi lemithetho yabekwa ngoba kuphendlelwa uJordaan nekomidi eliphezulu (NEC) isikhala kwiSAFA.

“Ngiyazi bekunzima ukunqoba ukhetho kodwa ngihluleke ngizamile. Ngikholwa ukuthi iSAFA kusafanele iguqulwe. Angihlulwanga namuhla, kunalokho ibhola likanobhutshuzayo elilahlekelwe isishoshovu.

Angikahambi kwiSAFA, usazozwa ngikhuluma. Angeke ngiphumule uma ibhola laseNingizimu Afrika lisaholwa uDr Jordaan.

Ngikhulume izinto eziningi ebengifuna zishintshwe. Ngiyathemba ikomidi elisha liza nezinguquko eziningi,” kubeka uLedwaba ekhuluma nabezindaba.

ULedwaba uthi akaqedile ngemizamo yakhe yokukhulisa ibhola kuleli.

“Angiyekile ebholeni. Ikhona Inhlangano yami iRia Ledwaba Foundation esebenzela emiphakathini. Ngizoqhubeka nokwenza njalo, angeke ngilahle ithawula ebholeni.

Angeke ngiphatheke kabi ngenxa yokuhluleka okhethweni. Ukhetho lungawinwa yinoma ubani, kodwa izinto kumele zithambe ngendlela efanele, kungarobheki abantu. Lolukhetho belungaqondile.

Imithetho yeSAFA ishintshiwe ukuze kuzozuza abantu abathi e. Ngizoqhubeka nokulwa. Kubalulekile ukuthi kube noshintsho kwiSAFA,” kuchaza uLedwaba.

ULedwaba uphendule kanje ebuzwa ngoJordaan:

“UJordaan akafanelwe ukuhola ibhola laseNingizimu Afrika. Uyidlalile indima yakhe eminyakeni eyedlule. Angeke kubise umuntu oyedwa unomphelo. Ngikhuluma iqiniso, iSAFA uyiphethe ngendlela yakhe, akaphikiswa,” kubeka uLedwaba.