Oyisikhulu esiphezulu seSuperSport United uStanley Matthews uthi sebeqalile ukuhlunga amagama abaqeqeshi okungenzeka baqashwe yiqembu ngaphambi kokuqala kwesizini ka-2022/23.

ISuperSport ayinaye umqeqeshi ngokugcwele kusukela kwaxoshwa uKaitano Tembo maphakathi nesizini ka-2021/22.

U-Andre Arendse wabamba emidlalweni emihlanu esele, wagcina ekwazile ukufaka iqembu kwiTop 8 ngemuva kokunenebula i-Orlando Pirates emdlalweni wokugcina weligi.

UMatthews uthi igama lika-Arendse likhona ohlwini labaqeqeshi ababhekwe yibhodi leqembu.

“Ibhodi lizbamba umhlangana ngesonto elizayo. Okwamanje sidingida udaba lokuqasha umqeqeshi omusha, u-Andre ukhona ohlwini. Besingeke simnikeze ithuba lokubamba isikhashana ukube besingamthembi.

Ukuqinisekisa ukuthi singena kwiTop 8 kwaba umsebenzi omuhle ku-Andre. Ukhona ohlwini labaqeqeshi esibabhekile. Isimemezelo sizokhishwa emasontweni alandelayo,” kusho uMatthews kuPowersport FM.

Ebuzwa ngamathuba okuqasha uStuart Baxter ihlandla lesibili, uMatthews ukubeke kwacaca ukuthi angeke baqashe uBaxter, Gavin Hunt noBenni McCarthy.

“Angifuni ukudalula amagama abaqeqeshi esibabhekile. Kukhona abaqeqeshi abane abasezingeni, naye u-Andre ubaliwe lapho. Simbona engasiza kakhulu eqenjini. U-Andre uzoqhubekisa iqembu phambili ngoba ulijwayele futhi uzokwazi ukuqoka abadlali kwinkulisa. Lokhu be kwenziwa kusekhona uGavin Hunt noPitso Mosimane abashaye into ecokeme ngaphambilini.

Angeke ngiqashe uBenni (McCarthy), Gavin (Hunt) noStuart (Baxter). Kukhona amagama amane kuphela, ibhodi lizobheka umuntu olungele isikhundla, isinqumo simenyezelwe emasontweni alandelayo,” kubeka uMatthews.