Umdlali wasemuva, oyibamba ku-left back, uSibusiso Mabiliso, angase abone afike ngayo kwiKaizer Chiefs kulandela ukusayiniswa komdlali waseMozambique, u-Edmilson Dove. Lo mdlali owasayiniswa kuMaZulu, ngaphambi kwesizini ka-2021/2022, akalitholanga ithuba lokuziveza kahle kuMakhosi ngenxa yokulimala. Noma eluleme ijezi belimeqa, njengoba bekushintshana uSfiso Hlanti noReeve Frosler endaweni ayidlalayo. UMabiliso usadlale imidlalo eyisithupha kuphela kwiChiefs.

Ngokombiko weSABC Sport ongakaqinisekiswa, iSwallows izimisele ngokumsayinisa. IDube Birds ibukeka inobudlelwano obuhle neChiefs ewindini lokuhwebelana ngabadlali kodwa i-agent yalo mdlali, uBasi Michaels, ithe izingxoxo nabaphathi beChiefs ziqale ezinsukwini ezimbili ezedlule ngakho zisaphansi kakhulu, akukavunyelwana ngalutho.

Uthe azikafiki kuye izindaba zokuthi iSwallows izimisele ngokumsayinisa uMabiliso, kodwa okucacayo ukuthi lo mdlali akaneme ngesimo sakhe ePhefeni.