Umqeqeshi obambile kuMaZulu uBrandon Truter uzibona esethubeni lokuqashwa ngokugcwele uma kuphela isizini.

Lomqeqeshi usashaya umsebenzi oncomekayo oSuthwini njengoba esenqobe kathathu, wadlala ngokulingana kweminye imidlalo emithathu. Kulemidlalo, Usuthu alukaze lungenelwe yigoli njengoba luhleli endaweni yesithupha.

NgoMsombuluko, uTruter uqinisekise ukuqalwa kwezingxoxo ngekusasa lakhe kuleliqembu.

“Siqala izingxoxo namuhla. Zihamba kahle izinto, siwine imidlalo emithathu, sadlala ngokulingana kwemithathu, asikaze sihlulwe futhi namagoli awasingeneli. Ngiyazethemba kakhulu, ngibona ukuthi ngioqashwa ngokugcwele. Simatasa ngamalungiselelo esizini ezayo, nami ngiyayifaka imibono lapho. Izinto ziyathembisa,” kusho uTruter.

UTruter uphinde wadalula ukuthi uStuart Baxter ukhona ohlwini lwabaqeqeshi ababhekwe Usuthu. Uthi ubamba izingxoxo noMengameli weqembu uSandile Zungu ngenhloso yokulungiselela isizini ezayo.

“Ngisaxoxisana noMengameli ngezinhlelo zesizini ezayo, udaba lwabadlali okufanele bagcinwe nalabo okumele sibasayinise. Ebholeni, indaba iqinisekiswa uma sekushicilelwe phansi ephepheni.

UMengameli uyindoda ethembekile, akajikelani. Sihlelela isizini ezayo, kudala ngikhona ebholeni, ngiyahlela ngaphambi kokukhuluma,” kubeka uTruter.

Kuke kwabikwa ukuthi Usuthu lubheke owayengumqeqeshi weSuperSport United uKaitano Tembo noSteve Komphela kubaqeqeshi abangaqashwa ngokuphelele.

UTruter ucacisile ukuthi uyafuna ukuqashwa ngokugcwele eqenjini.

“Ngifuna ukubavalela ngaphandle abanye abaqeqeshi. Yebo kulula ukukhuluma ngoba ngingaphakathi eqenjini. Lokho kuyangisebenzela. Ngiyafisa ukunikezwa lomsebenzi ngokugcwele.

Kuzoba lula uma ngithola umsebenzi ngoba iqembu ngiyalazi. Ngizoqala izinhlelo zangesizini ezayo ngokushesha,” kusho uTruter.