UMengameli waMaZulu uSandile Zungu useqinisikise ukusayiniswa kwezihlabani u-Ethan Brooks noLarry Bwalya ngaphambi kokuqala kwesizini ka-2022/23.
Isibalo sabadlali abasayiniswe AmaZulu sinyukele ku-8 ngokufika kwalabadlali abayibamba enkabeni yesisu. UZungu uthi basaqedela izingxoxo nabadlali ababili abangadalulwanga amagama.
IGibela Sport isithole ngolwazi lwayo ukuthi uZungu ukhuluma ngoNdabayithethwa Ndlondlo okwiMarumo Gallants noBongani Makume weBaroka.
UBrooks ubedlalela iTS Galaxy ebimkhuhlisa ngebhentshi ngesizini ephelile. UBwalya ubeyibamba kwiSimba SC eTanzania.
UZungu uthi kuyamjabulisa ukushesha aqede ngokusayinisa abadlali abasha.
“Siyajabula ngokuthi siyaphithizela emakethe yize isizini ka-2021/22 isanda kuphela. Simemezele abadlali abayisithupha, manje sesithole abanye ababili, lokho kunyusela isibalo ku-8. Abadlali abathathu abasemuva, abanye abathathu badlala esiswini, kugcine ngabagadli ababili.
Sithenge uThendo Mukumela kwiCape Town Spurs, salanda uVeluyeke Zulu obedlala kwiChippa United, kukhona noRiaan Hanamub obeyibamba kwesokunxele kwiChippa United. Ukhona noDumisani Zuma odlala indawo yaphambili.
Sekukhona uLarry Bwalya, ongowokudabuka eZambia kodwa ubedlalela iSimba SC eTanzania. Sisayinise u-Augustine Kwem no-Ethan Brooks okungabadlali esibathole kwiTS Galaxy. Silande noGabadihno Mhango kwi-Orlando Pirates,” kubeka uZungu.
UZungu uthi ukusayiniswa kwabadlali abasha kuzogqamisa izinhloso zeqembu zangesizini ezayo.
” Kufanele sithole abanye abadlali ababili kodwa izingxoxo zisaqhubeka. Labadlali banesipiliyoni bobabili, uma izingxoxo zihamba kahle, sizobamemezela kungekudala iqembu lingakaqali ngisho ikhempu. Sishaya isigxiviso ngalabadlali abasha,” kubeka uZungu.