Seziqalile izingxoxo zokusayinisa uSibusiso Mabiliso odedelwe yiKaizer Chiefs ngesonto eledlule.
Umqeqeshi waMaZulu uBrandon Truter umkhonzile kakhulu uMabiliso odlala esandleni sokunxele emuva. UTruter uphinde asebenzise imenenja efanayo nekaMabiliso.
“Ungumdlali osezingeni, wonke umqeqeshi engakujabulela ukuqinisa ngomdlali osezingeni elihle eqenjini lakhe. Okwamanje kukhona uRiaan Hanamub noMxolisi Kunene okungabadlali abahle kodwa ukusayinisa uMabiliso kuzokhuphula izinga, kushubise nombango wejezi eqenjini,” kusho uTruter.
Bekuvela iSwallows neSuperSport United emaqenjini abefuna lomdlali obeyingxenye yeqembu lesizwe lika-Under 23 elidlale kuma-Olympics eJapan ngonyaka odlule.
UMabiliso ushiye kungekuhle oSuthwini kwazise wanqaba ukwelula inkontileka yakhe ngaphambi kokusayina mahhala kwiChiefs. Isenzo sakhe samcasula uMengameli weqembu uSandile Zungu owayesikaza ukuthi akhuhliswe ibhentshi lomdlali ngoba engathembekile.
Umthobanhliziyo ukuthi imenenja uBasia Michaels uyena owaletha uDumisani Zuma oSuthwini. UMabiliso udedelwe kwiGlamour Boys ngoba esevumelene neqembu elisayinise u-Edmilson Dove, odlala emuva kwesokunxele.