Intatheli yezemidlalo
AmaZulu aseyikhahlele ngazo zombili imibiko ekhomba umgadli wayo uBonginkosi Ntuli kwizinkunzi zaseSoweto i-Orlando Pirates. Usuthu luveze ukuthi alikho iqembu eselixhumene nabo libuza ngoNtuli, kunalokho lomgadli uphuthelwe yimidlalo ngenxa yokulimala. Kuke kwasabalala amahebezi ekuqaleni kwesizini, kuvela ukuthi uNtuli ucele AmaZulu ukuba amdedele eyodlala eGauteng.
Okhulumela AmaZulu uPhumlani Dube ukuphikile lokhu. “Angikwazi ke lokho. Engikwaziyo ukuthi uNtuli unenkontileka naMaZulu, ngikholwa ukuthi unonyaka osele kwinkontileka yakhe. Angikwazi ukuqinisekisa izindaba zokufunwa amanye amaqembu, ulwazi olunjalo anginalo. Awekho amaqembu asexhumane nathi. Ayikho indaba lapho. Akadlalanga kulamasonto adlule ngenxa yokulimala. Kodwa usengumqemane manje, ukulungele ukudlala. Uzoqala ukudlala maduzane,” kubeka uDube ecashunwa iKickOff.
Lomgadli uphazanyiswe ukulimala kulesizini njengoba esashaye amagoli amabili emidlalweni emihlanu. Ngesizini ka-2019/20, uNtuli ushaye amagoli angu-12 emidlalweni engu-24 yeligi. Ekuqaleni kwesizini, uSuthu lwafuna isamba sika-R15 million eqenjini elizimisele ngokuthenga uNtuli.
Ekuqaleni kwesizini, uSuthu lwafuna isamba sika-R15 million eqenjini elizimisele ngokuthenga uNtuli.