I-University of Pretoria (TUKS) izoqala imidlalo yamaPlay-Offs ngeSonto uma isibhekene neCape Town All Stars e-Athlone Stadium ngehora lesithathu emini.
Umqeqeshi uTlisane Motaung uthemba ukuthi abadlali bakhe basenawo umfutho njengoba sekusondele lemidlalo ebalulekile.
Ngemuva kokuzinikela kulesizini ephelile, amaTUKS kuzofanele anyuse igiya kulemidlalo emine yama-play-offs. UMotaung uthi abadlali bakhe sebekudlulisile ukuphoxeka ngemuva kokuphuthelwa isicoco seGladAfrica.
“Ngiyaziqhenya ngabadlali, kufanele sibheke umdlalo olandelayo. Asiphoxekile. Besiqala ukuqeda kwiTop 5 selokhu sadliwa yizembe kwiPremiership ngesizini ka-2015/16.
Angifuni ukukhuluma ngamaPlay-offs. Abadlali bashaye into ecokeme. Sesilungele ama-playoffs manje. Sekufanele sicabange, sibheke izindlela zokungena kwiDSTV Premiership ngoba sifuna ukuya lapho,” kubeka uMotaung.
AmaTUKS anemidlalo emine emasontweni amathathu, emibili esekhaya neminye emibili esekuhambeni kwiSwallows neCape Town All Stars.
UMotaung uthi angeke bashintshe indlela yokudlala njengoba sebefike kuma-playoffs.
“Angeke sishintshe lutho. Indlela esidlale ngayo isisebenzele isizini yonke. Asikho isidingo sokushintsha sekusele imidlalo emine.
Kufanele siqinise ezindaweni ebesinenkinga kuzo kulesizini. Kufanele sishaye amagoli amaningi. Amagoli siwashaye emidlalweni eminingi kulesizini. Kuyadingeka siqinise phambi kwamapali, kubaluleke kakhulu lokho kumaPlay-Offs. Kudingeka sibophe emuva, sishaye amagoli,” kubeka lomqeqeshi.