USihlalo weMaritzburg United uFarouk Kadodia usegonyuluke ngokuntuleka kwezezimali okubhekene namaqembu amaningi kuDSTV Premiership.

Kulesizini ephelile, bangaphezulu kuka-50 abadlali nabaqeqeshi asebededelwe amaqembu akuDSTV Premiership.

Yize kukhona amaqembu athatha lezinqumo ngenxa yokuqala kabusha, amanye amaqembu abhekene nesimo sokuntuleka kwezimali.

Kukhona izethenjwa eziphoqeleke ukuba zidedelwe ngoba kusolakala ukuthi ziyala ukunciphisa umholo.

UKadodia, odilize abadlali abangu-8 emasontweni amathathu adlule, uthi ibhola laseMzansi lisebunzimeni.

“Siphuma enkingeni enkulu yecovid-19, manje sesibhekene nesimo somnotho esingesihle ebholeni. Amaqembu achitha abadlali, kuzonyuka nezinga labantu abangasebenzi.

Izinga labantu abangasebenzi linyukile. Izimali ezifunwa yizimenenja nabadlali emaqenjini zimba eqolo. Asiyenzi inzuzo enkulu ebholeni. Sibhekene nesimo sokutakula iqembu ebunzimeni bezezimali iminyaka engu-8,” kusho uKadodia.

Kuqale AmaZulu ededela abadlali abangu-15, okubalwa kubo nethimba labaqeqeshi.

ISekhukhune United ilandele ngokuchitha abadlali abangu-14, neKaizer Chiefs yadedela abangu-9.