Amaphoyisa athi bazoyikhotha imbenge yomile labo ababhebhethekisa imiyalezo ethi izwe liyavalwa kusasa ezinkundleni zokuxhumana. Uphiko lwamaphoyisa iNational Joint Operational and Intelligence Structure (NATJOINTS) ithi isimi ngomumo uma ingase isuke kusasa.
Kusukela kwanyuka uphethroli abantu bakuleli bazwakalise ukucasuka, nokuyilapho abanye babhala ezinkundleni zokuxhumana ukuthi ngo Juni 10 kumele kuvalwe izwe kube nokhukhulela ngoqo wesiteleka, ukuze kuzokwehla intengo kaphethroli. Abanye bakhala ngokuthi njengoba kunyuka intengo kaphethroli kuningi okuzonyuka, njengoba kusabatshazwa ukubiza kwamafutha.
Okhulumela amaphoyisa kuzwelonke uColonel Athlenda Mathe uthe iNATJOINTS iyazi ngemiyalezo egcwele ezinkundleni zokuxhumana kanye namaphosta angekho emthethweni athi izwe kumele livalwe ngoLwesihlanu. Unxuse abantu bakuleli ukuthi basebenzisane namaphoyisa ukubamba umthetho.
“Siyawunxusa umphakathi ukuthi ungabhebhethekisi lemiyalezo ezinkundleni zokuxhumana. Labo ababhebhethekisa lemiyalezo siyabaxwayisa futhi siyabakhumbuza ukuthi ukuvimbela abantu ukuthi baye noma ikuphi lapho bethanda khona akukho emthethweni,” kuchaza uColonel Mathe.
Eqhuba uthe izolo (ngoLwesithathu) iNATJOINTS ibinomhlangano ne-Intelligence Coordinating Committee (ICC) ngobuqiniso bokuthi kuvalwe izwe, kanti isimo basiqaphe ngelokhozi.
“Asejutshiwe amaphoyisa futhi azobe eqaphe ngolokhozi kulabo abazobe bephula umthetho,” kusho uColonel Mathe.
Uthe bazoqinisekisa ukuthi akukho okwenzekayo kusasa nokuthi yonke into izoqhubeka ngokwejwayelekile, uthe namaphoyisa ezifundazweni asiqaphile isimo.