IMK Party (MKP) ithi amalungu angu-10 axoshwa ePhalamende, ayetsheliwe ukuthi ayezobamba okwesikhashana kulezikhundla. 

Lamalungu ayephikisa isinqumo sokuxoshwa, aya eNkantolo eNkulu yaseWestern Cape, efuna kumiswe ukufungiswa kwamalungu amasha ezikhundleni zawo.

NgoMsombuluko, inkantolo inqume ukusichitha nezindleko isicelo esiphuthumayo samalungu eMK Party. 

Amalungu abekhala ngendlela axoshwa ngayo kwazise athola izincwadi ezivela ePhalamende, zichaza ukuthi ubulungu bawo buhoxisiwe yiMK. 

Okhulumela iMK Party uNhlamulo Ndhlela uthi amalungu ayetshelwe zisuka ukuthi azobamba okwesikhashana ePhalamende. 

“Izinkulumo zamalungu axoshiwe beziphoxa, sibadukisile abantu. IMK ibingeke ikwenze lokhu abakukhulumayo. Bafungiswe njengamalungu amasha ePhalamende betsheliwe ukuthi bazobamba isikhashana. Besizojika kanjani esivumelwaneni abasaziyo? Asikaze sibakhohlise,” kusho uNdhlela engxoxweni nabeNewzroom Afrika. 

UNdhlela ubemile ezwini lokuthi lamalungu ayefudumeza izihlalo ngoba kwakungakhethiwe ubuholi obuphezulu beqembu. 

IMK Party ibhekene nenkinga yobuholi selokhu yasungulwa. Leliqembu selixoshe, laphinde lahoxisa amanye amalungu ezikhundleni ezinyangeni ezedlule. 

UNdhlela uthi amalungu axoshwa bekufanele axhumane nobuholi beqembu. 

“Lamalungu awanayo inhlonipho. Bekufanele bazehlise, baxhumane nobuholi beqembu. Ukuneka izinkinga esidlangalaleni kubabukise ngabantu, kwangcolisa negama leqembu. Angeke sinabukelise amalungu noma ubani ohlele ukusidonsela enkantolo.

“Amalungu ayetsheliwe ukuthi afudumeza izihlalo. Sakhuluma namaqabane, sabazisa ngokuzokwenzeka ngokuhamba kwesikhathi. Indlela abaziphathe ngayo ibiphume esandleni ngokwemigomo yeqembu,” kusho uNdhela. 

UNdhela usole lamalungu ngokugebhela imali kwiMK Party. Uthi awakoyinanga iqembu ngoba efuna ukusebenzela imiphakathi. 

“Lomsebenzi udinga umuntu onenhliziyo emnene. Angeke uzibuke njengomuntu oqashiwe ekubeni utsheliwe ukuthi uyivolontiya. Akekho oqashiwe eqenjini. Amalungu agagamelile, abezitshela ukuthi ayikhethelo eqenjini. Lokho akusebenzi kwiMK Party. 

“Injongo ukufeza esikuqashelwe yiqembu. Kunezakhamuzi ezikhinyabezwa izinkinga emiphakathini okudingeka sibasize. Izakhamuzi zithembele kithi njengeqembu eliphikisayo, iMK Party, ukuze sizolwela izinkinga zabo. Amalungu azama udumo emaceleni akufuneki anakwe, yingakho nenkantolo isichithile isicelo sabo.”

UNdhela uthi abawuvalile umnyango kumalungu axoshiwe. 

“Angeke sinqabe ukuxoxisana namalungu uma ezama ukuxhumana nathi. Sizoyicubungula into abayikhulumayo. Amalungu angcolise igama leqembu futhi bekufanele abuyekeze indlela yokuxhumana nathi, kunothi basiyise enkantolo,” kubeka uNdhela.