UMengameli weRoyal AM uShawn Mkhize uthi amahebezi ayekhomba umgadli uVictor Letsoalo kwiKaizer Chiefs agcina esemphazamisa emoyeni nasenkundleni.
UMaMkhize ugonyuluke ngendaba kaLetsoalo ekhuluma noRobert Marawa ohlelweni iMarawa Sports Worldwide ngoLwesithathu.
“Ngizokhuluma iqiniso ngoba lombuzo usuphakamiswe ezindaweni eziningi. Kuyenzeka abezindaba bakhohlise abadlali. ULetsoalo waphazamiseka ngamahebezi ayemkhomba kwiChiefs.
Kwaba yindaba enkulu ukuthi uLetsoalo ufunwa iChiefs. Angikhumbuli iChiefs izokhuluma nathi ngomdlali. Indaba yangena ekhanda lomdlali. IChiefs iyiqembu elikhulu, uma umdlali ezwa ukuthi iyamfuna, kuvamisile ukuthi aphazamiseke,” kubeka uMaMkhize.
UMaMkhize uthi wabuya eholidini phesheya kwezilwandle ngesikhathi efica uLetsoalo eseziphethe ngendlela engajwayelekile. UMaMkhize uthi waxoxisana nomgadli ngenhloso yokuthola isisombululo.
“UVictor wayephazamisekile emoyeni nasemqondweni. Wangitshela ukuthi ufuna ukuyojoyina iChiefs, wafika ezoxoxisana nami.
Ngazibonela ukuthi sekukhona okushintshile ngoVictor. Ngahlala naye phansi, wangicela ukuthi angimkhulule, wangibuza nokuthi kungani ngingafuni ukumdedela ayodlala kwiChiefs.
Nami ngamchazela ukuthi angikaze ngikhulume neChiefs. Ngamtshela ukuthi akabuye ngenkulumo evela kwiChiefs ukuze ngizomdedela. IChiefs ayikhulumanga lutho nathi, ngamtshela ukuthi angeke ngimgcine eqenjini uma engasafuni ukulidlalela,” kubeka uMaMkhize.
ULetsoalo wafaka incwadi yokucela ukudayiswa kwiRoyal AM, wagcina esayine kwiSekhukhune United eyamthenga ngo-R3 million.