Ukaputeni weMamelodi Sundowns uDennis Onyango uthi iqembu lisazwela ubuhlungu ngokukhishwa kuma-quarterfinals eCAF Champions League yize beqoqe zonke izindebe eNingizimu Afrika.
ISundowns inqobe ngo 2-1 ibhekene neMarumo Gallants emdlalweni wamanqamu weNedbank Cup ngoMgqibelo. Ukunqoba kweDowns kwiKe Yona kuqophe irekhodi elisha emabhukwini ePremier Soccer League (PSL) iphenduka iqembu lokuqala eselidle zonke izindebe ezikhona ngesizini eyodwa.
IDowns yaqala ngeMTN 8, yalandela ngeDSTV Premiership ngaphambi kokuphakamisa iNedbank ngempelasonto.
IDowns yagcina ukunqoba iChampions League ngo-2016 kusaqeqesha uPitso Mosimane.
“Alikho ikhambi lokupholisa amanxeba eChampions League ngoba leso isigaba esiphezulu. Bekuphoqa ukuthi sizikhandle kakhulu kwiligi ngoba besiphumile ngendlela engeyinhle kwiCAF, kwakukhona iVAR kodwa ibhola linjalo. Bekubalulekile ukuthi siqinise kwiligi,” kusho u-Onyango ekhuluma nabezindaba sekuphele umdlalo.
U-Onyango uthi uyaziqhenya ngendlela iSundowns edlulise ngayo ukuphoxeka kwiCAF, yasale isiqedela umsebenzi kwiligi.
“Siyazikhandla kakhulu. Bekukhona ukuthwala kanzima kweminye imidlalo kodwa Besihlele ukunqoba zonke izindebe ezikhona, sihlulwe indebe eyodwa kuphela. Bonke abadlali bazinikelile. Bekubaleke kakhulu ukunqoba iligi. Lokhu kusinikeze umdlandla wokunqoba INedbank Cup, nayo esiyitholile.
Abadlali bazinikele kakhulu sinqoba zonke izindebe kwiPSL. Isizini ibe yinhle kakhulu. Besingenza kangcono kwiChampions League ngokuqinisa emidlalweni esele. Angeke ngibasole abadlali ngokuzinikela kwabo, ithimba labaqeqeshi nabaphathi basebenzile ngoba iqembu liqhuba kahle ngenxa yabo,” kusho lonozinti.