Umqeqeshi we-Orlando Pirates uthi akusiniswa mahleza uma ubhekene neStellenbosch FC ngakho uyabathathelela abadlali bakhe ngokuhluleka ukubuya namaphuzu aphelele emdlalweni ogcine uphele ngo 0-0 izolo.

Umphumela wayizolo ushiye abalandeli beBucs bebitoza kwazise iMamelodi Sundowns iwine ngo 2-0 emdlalweni wayo neMamelodi Sundowns okusho ukuthi isihamba phambili ngamaphuzu awu-18 esicongweni.

Okukhuphule amathemba eBucs okubuya nephuzu wukuthi iStellies ibidlala ngabadlali abawu-10 ngemuva kokukhishwa kukaMandela Onyango esiwombeni sokuqala, kodwa uRiveiro uthi yikho kanye lokhu okwenze umdlalo wanzima ohlangothini lwabo.

“Bekuwumdlalo onzima. Sibuye nephuzu elilodwa noma kuyisifiso sethu ukunqoba wonke umdlalo, kodwa iStellenbosch iyiqembu elinzima, okunye okubenza baqine wukuthi badlala ezindaweni ezihlukene,” kusho uRiveiro ngemuva komdlalo.

“Akusho lutho ukuthi badlala ekhaya noma ekuhambeni, uma sebephambi kwakho bayiqembu elinzima.

“Basendaweni yesithathu kwiligi nakuma-quarterfinals kumqhudelwano wase-Africa. IStellenbosch ayilona ihlaya. Ngakho ke kumele silamukele leli phuzu. Noma ke kuzosiphazamisa ngoba sikomunye umbango odinga ukuthi siqoqe amaphuzu amathathu njalo uma sidlala.

“Mhlawumbe umdlalo ubuzohamba ngenye indlela ukube abatholanga ikhadi elibomvu, elibaphoqe ukuthi bavale thaqa emuva.”

IPirates izothola ithuba lokunciphisa igebe eliphakathi kwayo neSundowns ngeSonto njengoba bezotholana phezulu eFNB Stadium ngo 15:30 ntambama.