Uphelelwe amazwi okuchaza injabulo anayo u-Ilkay Gundogan weManchester City ongene esuka ebhentshini wahudulela iqembu kwisicoco se-English Premier League.
UGundogan ushaye amagoli amabili iCity enqobisa iCity ngo 3-2 kwi-Aston Villa e-Etihad Stadium namuhla. Ungene emdlalweni ezakhe zilandela emuva ngo 2-0 ngomzuzu ka-63.
ICity ivuke umbhejazane sekusele imizuzu engu-25, yashaya amagoli amathathu emizuzwini emihlanu. UGundogan ungqofele enethini igoli lokuqala, elesibili lashaywa uRodri.
Kuphele imizuzu emithathu wabuya nelokugcina uGundogan iqedele ibhola ebeligotshwe uKevin De Bruyne. Kuzalele ihlokohloko e-Etihad sekungena leligoli, abalandeli bebhiyoza nezinyembezi.
UGundogan ubonge ozakwabo njengoba benqobe iligi ihlandla lesine kumasizini amahlanu. Uphinde washayela iLiverpool ihlombe ngokubafakela ingcindezi isizini yonke.
“Umdlalo ubumangalisa, anginawo amazwi okuchaza, kuyamangalisa. Amathuba okunqoba abemancane ngesikhathi sesilandela emuva ngo 2-0. Bekufanele siqale phansi, ukushaya amagoli amabili ngokushesha kusibuyise umdlandla wokushaya elesithathu. Siyaziqhenya ngokuzimisela kwethu namuhla.
Bekushubile kakhulu, besimincile ngoba besilandela emuva ngo 2-0. Bekudingeka igoli kuqala ukuze sizozama ukushaya amanye amagoli. Lol usuku alukholakali ngempela, angikholwa namanje.
Leligi ngabe ayithndwa abalandeli abaningi ukube iLiverpool ayidlalanga ngendlela eyenze ngayo kulesizini. Sinyuselane izinga neLiverpool noma kuwusuku olumuncu kubona. Ngiyabancoma ngokudlala kwabo kulesizini, ngisazimisele ngokubhekana nabo ngesizini ezayo,” kusho uGundogan.