Umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos uthi akekho umdlali onendawo yakhe esikwatini, okusho ukuthi angase enze izinguquko emdlalweni wabo neBenin ngoLwesibili.

UBroos ulindele umdlalo onzima kwiBenin kodwa uthi uma bezodlala ngendlela abadlale ngayo beshaya iLesotho 2-0, bangawina futhi.

Omunye wabadlali oshaye into ecokeme kulowo mdlalo wuRelebohile Mofokeng othathe indondo yomdlali ovelele ngemuva komdlalo ebihambisana nesheki likaR10,000.

“Ngingakwazisa manje ukuthi akekho umdlali onendawo yakhe kwiBafana Bafana. Okokuqala nje, sinabadlali abawu-23. Okwesibili, okuyinto esengike ngayisho phambilini, kumele uqoke abadlali ngokomdlalo ophambi kwakho. Umdlalo odlule usinikeze ithuba elihle lokuqalisa uRele.

“Ube nomdlalo omuhle, iyonanto ebesiyidinga. Awucabange ukube akadlalanga kahle, abanye ngabe bathi mhlawumbe akekho ezingeni noma simjahile. Kodwa besingeke simfake sibhekene neNigeria noma ngesikhathi sibhekene neBenin ngoba imidlalo ehlukile leyo.”