Yize inkontileka yakhe iphela ngoJuni, umdlali wasesiswini uGeorge Maluleka usazimisele ngokuhlala kwiMamelodi Sundowns alwele indawo yakhe ngesizini ka-2022/23.
UMaluleka uphinde walikhuhla ibhentshi, eminye imidlalo eyibukela nabalandeli. Ubonakale emidlalweni eyisithupha kuphela kulesizini, washaya igoli elilodwa, wakhanda amanye amabili.
UMaluleka ufike kwiDowns ngo-2020 esuka kwiKaizer Chiefs. Uyiqale kahle impilo kwiDowns ngaphambi kokuphazanyiswa ukulimala.
UMaluleka (33) uthi unethemba lokuthi iSundowns izoyelula inkontileka yakhe, ukuze ezohlala elwele ukuthola isikimu ngesizini ezayo.
“Kukhona izindawo ezidinga ukuthi ngizilungise. Ngike ngalimala kwezinye izikhathi, kodwa sengilinde isizini ezayo, ngithembe ukuqeda isizini ngiwumqemane,” kusho uMaluleka ekhuluma nabezindaba ngesikhathi iSundowns ujabulela ukunqoba iligi ihlandla lesihlanu kulandelana.
Umqeqeshi weSundowns uManqoba Mngqithi wake waveza ukuthi uMaluleka udliwa yibhentshi ngoba ulimala njalo.
Yize benqobe iligi, uMaluleka uthi usafuna ukunqoba enye iligi.
“Kuyajabulisa ukuwina. Kuyamangaza futhi siyagqugquzeleka. Ngifuna ukusiza iqembu linqobe iligi ngokuzayo. Sibhekana nobunzima njalo, sisebenze ngokuzikhandla kusukela ekuqaleni. Iqembu lihlele izinto kuqala isizini.
Konke kuqala ejimini, sonke sifuna into efanayo, kubukeka kulula kodwa sisebenze kanzima ejimi. Ngibongele abadlali, ithimba labaqeqeshi nomndeni weSundowns. Ngibonga bonke abasondelene neSundowns,” kusho uMaluleka.