UPanyaza Lesufi, oyisikhulu seSwallows FC, useziphundulele kumqeqeshi uBrandon Truter osole abaphathi beziNyoni ngokunqaba nemali yakhe yesinxephezelo ngemuva kokumxosha.
ULesufi uthi akafuni nokuyinaka indaba kaTruter, kunalokho, uzogxila ezembeni elibhekene neqembu.
UTruter oseqeqesha AmaZulu, uveze lezindaba ngemuva komdlalo weligi ezakhe zishaya iSwallows ngo 1-0 esidlekeni sayo iDobsonville Stadium ngoLwesibili ebusuku.
Lomqeqeshi uthi waphoqwa ukuthi ahambe yize ayenesivumelwano neqembu. Waphinde wasola abalandeli beqembu nokusongela umndeni wakhe. Waveza nokuthi abalandeli bavimba ibhasi besho ukumqeda, ngisho nonogada babukela.
ULesufi uthe iSwallows iyona eyanika lomqeqeshi ithuba lakhe lokuqala lokuqeqesha esigabeni esiphezulu.
“Angeke ngiziphendule lezinsolo. Usenegama esigabeni esiphezulu ngoba ubeqashwe iSwallows. Angeke ngizingcolise ngodaba ngoba iqembu libhekene nempi yezembe. Ukungcofana angeke kusize ngalutho,
Ngiwubukile umdlalo waMaZulu, besinebhadi. Abadlali bahlulwe amathuba alula, lokho kuyenzeka uma iqembu lidonsa kanzima, nenhlanhla iyabaleka. Asitatazeli nakancane, yize siminciswe izembe,” kusho uLesufi.
UTruter wasola iqembu ngokunqaba nemali yakhe njengoba engasulanga esikhundleni.
“Izingxoxo kuphela okumele ziqalwe. Kwakukhona umbandela wokuthi ngingakhulumi nabezindaba ngaloludaba kodwa akusekho ukubuyela emuva ngoba abayikhokhanga imali yami. Ngizoya emahhovisini ePSL ukuze ngithole imali yami,” kubeka uTruter owayejabule efa.
AmaZulu abuyelwe ifomu selokhu kwaqashwa uBrakkies. Asenyukele endaweni yesikhombisa kwiligi kanti ngempelasonto azothola ithuba lokukhuphuka uma esedlala neSekhukhune United.
ISwallows yona isengcupheni yokugawulwa yizembe njengoba ihleli kunombolo 15. Izobhekana neSuperSport United namuhla ebusuku eLucas Moripe Stadium.